Umbukiso Wezohwebo Obukuleli Uphume Nezivumelwano Ezilinganiselwa ku-R500 Bilion

Written by on 22 November, 2021

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uRavi Pillay, uthi lelizwe lenze inzuzo enkulu kakhulu ngombukiso wezohwebo obubanjelwe eThekwini, i-Intra Africa Trade Fair.

Lombukiso odonse isonto lonke ubuhlanganise amazwe amaningi ase-Afrika ukuzokhombisa ngezimpahla ezahlukene kanjalo namabhizinisi.

U-Pillay uthi abagcinanga nje ngokukhuluma ngamathuba ezohwebo e-Afrika, kodwa bekukhona namathuba okuthuthukisa ingqalasizinda namathuba akhona kubatshalizimali.

Emazweni angu-59 abebambe iqhaza ezinkundleni zombukiso, angu-46 abephuma e-Afrika kanti angu-13 aphuma ngaphandle kwalelizwekazi.

U-Pilay uthi lombukiso uholele ekutheni kwenziwe izivumelwano zohwebo ezilanganiselwe ku $36 billion, okungaphezu kuka 500 billion wamarandi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background