Umbuso ufuna Liqhubeke Ngale Kokuphazamiseka Icala Elibhekene NoZuma

Written by on 17 October, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umbuso ecaleni lenkohlakalo nokukhwabanisa, elibhekene nalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma usutshele inkantolo ephakeme ePietermaritzburg, maphakathi nesifundazwe ukuthi awusafuni kulokhu kuhlehliswa ukuqulwa kwalelicala.

UZuma usecele ukuthi inkantolo ilihlehlise futhi lelicala, njengoba esalindele ukuzwa isinqumo seNakntolo yoMthetho Sisekelo lapho edlulisele khona isinqumo sejaji uPiet Koen sokuchitha isicelo sokuba umshushisi uBilly Downer azihoxise yena kulelicala.

Lomholi usola uDowner ngokungahambisi kahle enkantolo kanjalo nokwenzelela, njengoba ethi wanikeza abezindaba imniningwane eyayibucayi phambi kwenkantolo.

UZuma nenkampani yezikhali iThales basolwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa, nakumacala athinta ukudayiswa kwezikhali okwenzeka ngeminyaka yango 1990.

Umshushisi uBilly Downer uyenaba ngokuthi kungani lelicala kumele liqhubeke lingabe lisamiswa.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background