uMEC uNtuli Uqinisa Ezokuphepha Emigaqweni

Written by on 18 November, 2020

By: Bongani Gina

UNgqongqoshe wezokuthutha nokuphepha kulesfundazwe uBheki Ntuli uthi unesiqiniseko sokuthi ubudlelwane abanabo nenhlangano yosomatekisi iSantaco kanye neHlokomela buzosiza ukuqinisa ezokuphepha emigwaqeni yeKZN yonkana.

UNtuli usho lokhu emumva kokukhuluma namalunga eSantaco emhlanganweni abawubambele eMhlanga enyakatho yeTheku.

Uthi ziningi izinhlelo abanazo zokuqinisa ezokuphepha nokubambisana nalenhlangano yamatekisi.

UNtuli uqhuba ngokuthi sebelinganiselwa ku 1492 abantu asebebhubhe emigaqweni yakulesifundazwe kulonyaka.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background