UMengameli Uthi Uzozibambela Mathupha Inkohlakalo
Written by Mfundo on 14 March, 2022
By: Zilungile Mkhize
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi uma kubhekwe ukuthi imiphakathi yonke ithole izidingo ngendlela nangesikhathi esifanele, kuzomele kuqale kuqedwe ngenkohlakalo edla lubi kuhulumeni emazingeni wonke.
U-Ramaphosa ukhulume kanjena kwimbizo kamengameli, ebibanjelwe esifundazweni iNorth West.
Lembizo yenzelwe ukuthi imiphakathi ikwazi ukuzoletha ngqo ezikhulwini zikahulumeni kazwelonke, zonke izikhalo zayo mayelana nokugqoza kwentuthuko, ukunganakekeleki ngendlela, izinkinga zokungabi khona kwamathuba emisebenzi nokunye okuningi.
U-Ramaphosa uthi ziseningi izinkinga ezikhona kuhulumeni nathi zidalwa yisihlava senkohlakalo azama ngayo yonke indlela ukulwisana naso.
Uthi kumele isikunyelwe phezulu indaba yokuhanjiswa kwezidingo emiphakathini njengoba uhulumeni athembisa ukuthi uzokwenza kuzakhamuzi kuzwelonke.
We are going to overcome our challenges. Government seeks to work in an integrated and co-ordinated manner towards ensuring that we improve the lives of our people #PresidentialImbizo pic.twitter.com/R9CKjAqIHA
— Cyril Ramaphosa 🇿🇦 (@CyrilRamaphosa) March 12, 2022