Umeya ufuna kuphenywe imbangela yengozi ebulale inqwaba
Written by Lethiwe Mdluli on 11 June, 2020
Umeya waseJozini enyakathyo yesfundazwe, uDelani Mabika, uthi abezomthetho kumele balusheshise uphenyo lwengozi yeloli ebulale abantu abangu 8 kuleliyadolobha izolo.
Kusolwa ukuthi umshayeli uphunyukwe yileloli yashayisa izimoto, abantu ebebelinde amabhasi kanye nabadayisi basemgwaqeni.
Kuphinde kwalimala kanzima abantu abangaphezu kuka 30.
uMabika uthi bafuna ukwazi ngokushesha ukuthi yini imbangela yalengozi.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Khonamanjalo ungqongqoshe wezokuthutha kulesfundazwe, uBheki Ntuli, uthi okwamanje ayikacaci imbangela yalengozi yeloli.
Umshayeli waleliloli usagcinwe estokisini samaphoyisa njengoba sekuthathwe igazi lakhe ukuhlola ukuthi ubengaphuzile yini ngenkathi eshayisa izimoto kanye nabantu.
Ngonyaka odlule abasebenzi bakamasipala waseJozini abahlanu bashona ngemva kokuthi lishayise imoto kamaspala ababehamnba ngayo eMtuba.
uNgqongqoshe uNtuli uthi simshaqisile lesigameko futhi bazosungula ithimba labaphenyi bengozi.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Mthokozisi Manqele & Bright Ntuli