UMeya Womasipala UMfolozi Ugqugquzela Intsha Ukuthi Ihlale Ngentombi

Written by on 3 April, 2023

By: Lindelani Mbatha

UMeya womasipala uMfolozi enyakatho yeKwaZulu-Natal, uXolani Bhengu, uthi kubalulekile ukuthi abantu abasha baziphathe kahle futhi bazigcine ukuze bezophepha nasezifweni ezithathelana ngokocansi.

UBhengu ukhulume kanjena njengoba lomasipala namhlanje unomcimbi iValantombi ogqugquzela ukuziphatha kwabesifazane.

Ngonyaka owedlule lomasipala ubambe umcimbi i-Mens forum ogqugquzela ukuziphatha okuhle kwabesilisa.

Ngonyaka owedlule iSilo Samabandla wonke sagqugquzela ukuthi uhulumeni aqinisekise ukuthi uyayeseka imicimbi eqhakambisa ukuziphatha kahle kwabantu abasha.

UBhengu uthi ukuziphatha kahle kwabantu abasha kwenza ikusasa lalelizwe liqhakaze.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, amantombazanyana ahambele lomcimbi ogqugquzela ukuziphatha kahle athi imicimbi ekanje ibenza bazigqaje ngokuba izintombi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background