Umfelokazi Ka-Hani Uthi Abukho Ubulungiswa Ekunikeni Ushwele Umbulali Womyeni Wakhe

Written by on 22 November, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umfelokazi ka-Chris Hani owayengumholi we-South African Communist Party (SACP), uLimpho Hani, usezwakalise ukudumala ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokunikeza ushwele umbulali womyeni wakhe, uJanusz Walus.

Ngomsombuluko lenkantolo ikhiphe isinqumo sayo, nesifundwe oyiNhloko yamaJaji uRaymond Zondo.

Kulesnqumo, uZondo uthi unike umnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo izinsuku eziyishumi nje kuphela zokukhulula uWalus ejele.

UHani wadutshulwa wabulawa ngo April ka-1993 esangweni lomuzi wakhe eBoksburg, eGauteng.

Kanti umkakhe uLimpho, uthi ubulungiswa abukho eNingizimu Africa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background