Umgomo i-AstraZeneca Usangasebenza Kwabanye Abantu

Written by on 9 February, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Inhlangano yezempilo emhlabeni i-World Health Organisation, isinxuse uhulumeni wakuleli ukuthi ayigcine imigomo ye-COVID-19 I-AstraZeneca.

Lenhlangano isho lokhu nje, uhulumeni usanda kumemezela ukuthi uyakumisa okwesikhashana ukusatshalaliswa kwalomgomo, ngemuva kokuba ucwaningo mayelana nawo luveze ukuthi awulwi ngokwanele nohlobo olusha lwe COVID-19.

Uchwepheshe kwezemigomo ngaphansi kwe WHO, u-Soumya Swaminathan, uthi eminye imiphumela yocwaningo iveze ukuthi lomgomo uzokwazi ukusiza uthithibalise leligciwane, nokugwema ukugula kakhulu komunto aze ayodinga usizo esibhedlela.

Uqhuba ngokuthi iNingizimu Afrika kumele iqhubeke nezinhlelo zayo zokumgomo izakhamuzi ngalomgomo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background