Umgomo weCOVID-19 Awuyenzi Lutho Induku – Simelane

Written by on 9 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, uthi kungamampunge ukuthi imigomo yeCOVID-19 iwisa induku kwabesilisa.

Uthi baningi abantu besilisa abasashaya phansi ngonyawo namanje, bethi ngeke balubhade ukuyothola lomgomo ngenxa yemibiko esithe chithisaka ezweni ngemiphumela engemihle ngalemigomo.

U-Simelane uthi ngisho nabantu besifazane banokungabaza okufanayo, njengoba abanye besakholelwa ukuthi lemigomo iyivala thaqa inzalo.

Ungqongqoshe uthi lezi yizinkolelo nemibono esabalaliswa ngabantu abalwisana nemigomo yeCOVID-19, nathi ayisile neze iqiniso.

Usevakashele isifunda UThukela eMnambithi, nesingezinye ezihamba phambili ngabantu abancane kakhulu asebegomele lolubhubhane kulesifundazwe.

Usenxuse izakhamuzi ukuthi zingadukiswa izinkolelo nemibiko engalungile.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background