UMhlathuze Water ukhala ngokucekelwa phansi kwempahla eNkandla

Written by on 14 August, 2020

Isikhungo esiphakela amanzi uMhlathuze water, sithi sikhathazekile ngokucekelwa phansi kwengqalasizinda kanye nokusatshiswa kwabasebenzi eMadungela Pump Station, eNkandla enyakatho yesifundazwe.

Namhlanje ekuseni umphakathi wakuleyandawo obubhikisha ushise amathayi waphinde wavimbela abasebenzi balesisikhungo ukuba baye emakhaya kanye nokuthi abangena ekuseni bazosebenza.

Lomphakathi ongaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo ukhala ngokungabinawo amanzi osekuthathe isikhathi eside.

Oyisikhulu salesisikhungo, uSiyanda Maphumulo, uyanaba.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background