Umhlaziyi ushaqekile ngesibalo esiphezulu sabathanda ezikaFaro

Written by on 26 May, 2020

Umhlaziyi wezepolitiki, uSomadoda Fikeni, uthi kuyashaqisa ukuthi baningi kangakanani abantu bakuleli ababhiyozele ukuvulwa kokudayiswa kukatshwala.

Umengameli, uCyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula izinhlelo zokwehlela kuLevel 3 weLockdown udalule ukuthi utshwala buzodayiswa ngemibandela ethize kusukela ngenyanga ezayo uJune.

uGwayi wona awuzukutholakala.

Abantu abaningi ke bajabule baze bafaka ngisho nasezinkundleni zokuxhuma amaVideo bezwakalisa injabulo.

umhlaziyi uFikeni uthi ikusasa lalelizwe limfiliba uma abantu abaningi besajatshuliswa utshwala kangaka.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background