Umhlaziyi Uthi Lelizwe Kumele Likugade Ukuphawula Kwalo Ngempi ye-Russia ne-Ukraine

Written by on 25 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umhlaziyi wepolitiki yamazwe omhlaba uWandile Msomi uthi kuncane kakhulu okungenziwa yiNingizimu Afrika ukunqanda impi ephakathi kwe-Ukraine kanye neRussia.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSouth Africa iyingxenye yobumbano lwamazwe akwi-BRICS, okufakaphakathi nayo iRussia.

Lokhu kungaboni ngasolinye phakathi kwalamazwe kudalwe wukuthi iUkraine ingelinye lamazwe asemdibimunye nenhlangano yombutho wezempi wamazwe angu-28 iNATO, lawomazwe angadlelani nhlobo neRussia.

I-Ukraine ingumakhelwane omkhulu neRussia kanti ukuthatha ubulungu be-NATO kuchaza ukuthi izimbangi ze-Russia, okuyi USA kanye ne-UK, sezizosondela kakhulu kuleliyazwe.

Umengameli wase Russia uVladir Putin usefake amasosha ezifundazweni ezimbili zase Ukraine azahlubuka, iDonetsk kanye neLuhanski.

I-NATO iyonake eyakhipha umyalelo ngo-2011 wokuba kuhlaselwe kusocongwe owayengumholi waseLibya uMuammar Gaddafi, eyayimsola ngokuphula amalungelo abantu.

I-Russia inokwesabake ukuthi lamazwe angaphansi kweNATO asondela ku-Ukraine nje, ngoba efuna ukuzosoconga umengameli wayo uPutin, yingakho benqume ukuqapha ngelibanzi izifunda iDonetsk kanye neLuhanski, ezingumgcele ohlukanisa iRussia namazwe asentshonalanga.

U-Msomi uthi njengoba iNingizimu Afrika idlelana ngokwezomnotho neRussia kanjalo ne ntshonalanga, impela kumele igade ukuphawula kwayo kulempi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background