Umhlaziyi uthi ukhathazekile njengoba abantu bengayilandeli imigomo yelockdown
Written by Lethiwe Mdluli on 9 April, 2020
Umhlaziyi wezepolitiki, uSanele Nene, uthi ukhathazekile ukuthi ezinye izikhamuzi azikayilandeli ngendlela efanele imigomo ye-lockdown.
Umengameli, uCyril Ramaphosa, emasontweni amabili adlule ushaye umthetho wokuthi wonke umuntu kumele ahlale ekhaya izinsuku ezingu 21 ukunciphiza ukuthelelana ngecoronavirus.
Namhlanje iNingizimu Africa ingenela osukwini luka 14 lwe-lockdown, kanti basengaphezu kuka 1800 abantu abanaleligciwane kuleli kanye nabangu 18 asebeshonile.
uNene uthi uma abantu bengayilandeli ngendlela efanele lemigomo izoshaya kakhulu izwe ikakhulukazi kwezomnotho.
By: Zilungile Mkhize