Umhlaziyi uthi unokwesabela ukuthi zingase zande izigameko zababulawa ngenhlese yezopolitiki
Written by Lethiwe Mdluli on 12 June, 2020
Umhlaziyi wezepolitiki, uBheki Mngomezulu, uthi unokwesabela ukuthi zingase zande izigameko zabantu ababulawa ngenhlese yezopolitiki.
UMngomezulu usho kanje kulandela ukuthi inkantolo yomthethosisekelo inqume ukuthi i-Electoral Act ayikho emthethweni njengoba ivimbela ukuthi abantu abangamalungu azimele bangenele ukhetho lukazwelonke.
Inhlangano iNew Nation Movement ibifake loludaba enkantolo ngoba ifuna abantu abangamalungu azimele abangekho ngaphansi kwamaqembu ezepolitiki bangenele ukhetho lukazwelonke.
I-ConCourt isinike iphalamende izinyanga ezingu 24 ukuba lishitshe lomthetho.
UMhlaziyi uMngomezulu uthi baningi abantu abafuna ukuba amalungu aphalamende yingakho abantu bebulalanela izikhundla.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Lindelani Mbatha