uMiss K Usaqhubeka Nokunuka uZuma Kwikhomishana KaZondo Ngokuxhaphaza Amandla EsanguMengameli

Written by on 28 January, 2021

By: Zilungile Mkhize

Ikhomishana ephenya ngeState Capture seyitshelwe ukuthi amalungu aqeqeshiwe kwezokuphepha ngaphansi kwe State Security Agency, ajutshwa ukuba agade indiza kaMengameli ngesikhathi uJacob Zuma esaholi lelizwe yize lomsebenzi wawungahlelwe emabhukwini akwa SSA.

Lobu ubufakazi obethulwe ngu Miss K, igama lakhe langempela kanjalo nobuso kufihliwe ngoba esabela impilo yakhe.

Lofakazi uqale izolo ugeqa amagula, njengoba evezo nokuthi kunezinhlelo eziningi ezazisungulwa kulombutho nezazifekisa izimfuno zika Zuma kuphela.

uPaul Pretorius, nohola ukwethulwa kobufaka ubeke kanjena ngesikhathi efunda ezinye zezihloko esitatimendeni sika Miss K mayelana nokusebenza kwezimali ngendlela eyayingahleliwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background