UMkhize usenxuse wonke umuntu ukuthi alwe neCoronavirus
Written by Lethiwe Mdluli on 3 June, 2020
Ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, usephonsele izakhamuzi zakuleli inselelo yokuthi nazo zibambe iqhaza ekulweni neCoronavirus.
uMkhize uthi lempi akusiyo ekahulumeni kanye nabasebenzi bezempilo nje kuphela kodwa wonke umuntu kumele akhombise ukuthi uyikhathalele impilo yakhe neyalabo abaseduzane naye.
Uthi ukuqgokwa kwezimfonyo, inhlanzeko ngokugeza izandla kanjalo nokuqhelelana nabanye kumele kuthathwele phezulu futhi abantu bakwenze ngendlela efanele ngaso sonke iskhathi.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Khonamanjalo isibalo sabantu abanalesifo kuleli sesinyukile simi ku 35 812.
Isibalo salaba abashonile sona simi ku755.
UMkhize uthi ukukhuphuka kwesibalo sabantu abaneCovid-19 kuleli kuthsengisa ukuthi abanye abantu abawulandeli umthetho:
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Zilungile Mkhize