UMkhize uthi ukhathazekile ngesibalo esinyukayo seCovid-19

Written by on 27 May, 2020

Ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, uthi uhulumeni usebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi isibalo sabantu abatheleleka ngeCovid 19 siyancipha.

UMkhize ubethula izinhlelo zomnyango wakhe zokulwa neCovid-19 ngezobucwepheshe kumalunga ephalamende lezifundazwe iNCOP.

Bangaphezu kuka 24 000 abantu abanaleligciwane, kwadlula emhlabeni abangaphezu kuka 500, asebeluleme bangu 11917.

UMkhize uthi kodwa njengoba kuzokwehlelwa kuLevel 3 baningi kakhulu abantu abazotheleleka ngaleligciwane.

Khonamanjalo umengameli, uCyril Ramaphosa, usenxuse izakhamuzi zakuleli ukuthi zibambe iqhaza emkhulekweni kazwelonke ngeSonto.

Ethula inkulumo yakhe uRamaphosa uthi kubalulekile ukuthi abantu bakuleli bahlangane, bakhulekele izwe.

Uqhuba ngokuthi umkhuleko yiwona ozoduduza uphinde uqinise isizwe njengoba sibhekene nobhubhane icovid-19.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background