uMkhize Uthi Zikhona Izimpawu Zokugoma Abazozazisa Imiphakathi

Written by on 29 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, uthi imigomo eminingi ekhona emhlabeni yogokumela noma isiphi isifo, iyaye ikhombise izimpawu ezithize ezahlukene zomkhuhlane noma ukugula okungatheni kwabanye abantu, abasuke besanda kujova ngayo.

UMkhize usho kanjena ekhuluma ePhalamende mayelana nohlelo lukahulumeni, lokugomela iCOVID-19.

Uthi abantu mabangesabi ukuyogomela lolubhubhane, ngoba zincane kakhulu izigameko ezibikwe phesheya zokugula kwabantu, egcizelela ngokuthi iphephile imigomo yakwa Johnson & Johnson.

Uqhuba ngokuthi nayo iCoronavirus inezimpawu ezithize ezikhomba izigulo ezahlukene.

uMkhize uthi zikhonake izimpawu abazozazisa imiphakathi ekumele iyiqaphele ngemuva kokugoma ivikele lolubhubhano oselubulale izinkulungwane zabantu ezweni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background