uMkhize Uyaziphendulela Ngodaba Lomgomo weCOVID-19

Written by on 10 February, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Unqgonqgoshe wezempilo u-Zweli Mkhize uthi ngesikhathi uhulumeni ethenga umgomo iAstraZenecca ezweni i-India, wayengakwenzi lokhu ngoba ezimoshela nje imali, kodwa kwakubhekwe ukuthi lesinyathelo sizosiza imiphefumulo yabantu abaningi.

Usho kanjena nje, uhulumeni ugxekwe kakhulu ngokuba nobudedengu ngesikhathi kuthengwa lomgomo, osekuvele ukuthi babengazi ukuthi uzosheshe uphelelwe yisikhathi, futhi awukwazi ukulwisana kahle nohlobo olusha lweCOVID-19.

Ekhuluma namalungu ekomidi elibhekelele ezempilo ePhalamende,  uMkhize uthi enye yezindlela ezingasetshenziswa ukuqinisekisa ukuthi lomgomo usazosebenza, ukuthi bathengise noma bashintshisane ngawo namanye amazwe angenalo olunye uhlobo lwaleligciwane.

uMkhize usephinde wakuqinisekisa ukuthi asekhona amazwe asefakile izicelo zokuthi adayiselwe lomgomo, njengoba lelizwe lisakumisile ukusetshenziswa kwawo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background