Ummeli Ugxeka Izinsolo Ezibhekiswe ku-Kelly

Written by on 2 June, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Ummeli ka-Kelly Khumalo nowayentombi kaSenzo Meyiwa ongasekho emhlabeni, uMagdalene Moonsamy uthi uzolivikela igama lekhasimende lakhe.

UMagdalene Moonsamy usegxeke okwenziwe ummeli wabasolwa abangu-4 kulelicala u Malesela Teffo ngokudalula enkantolo ukuthi kukhona ufakazi zofakaza ukuthi wambona ngamehlo uKhumalo edubula uMeyiwa kubo e Voslorus ngo-2014.

uMoonsammy uthi lokhu kuwukuthatha umthetho kancane.

Icala likaMeyiwa liya ngokushuba njengoba liqhubeka nokuqulwa nomphakathi ulibuka nawo ubeka imibono yawo ezinkundleni zokuxhumana.

Uthi uTeffo bekumele alinde ofakazi bazikhulumele ngokwabo.

 

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background