Ummeli Wombutho Uthi Akukho Okuphambene Nomthetho Okwenzeka Kuboshwa UMagudumana

Written by on 1 June, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Ummeli wamaphoyisa kanye neNational Prosecuting Authority, uNeil Snellenburg, uthi isizathu sokuthi lezizinhlaka zilibangise eTanzania ukuthi uNandipha Magudumana wayehamba nombulali ophinde abe ngumdlwenguli uThabo Bester.

USnellenburg wenza izethulo zakhe phambi kwenkantolo yamajaji eFree State.

UNandipha usola umbuso ngokuphula umthetho wokulandwa kwabantu abasemazweni angaphandle njengoba ethi waboshwa ngendlela engafanele.

Ufuna inkantolo ikhiphe isinqumo esizoveza ukuthi ukuboshwa kwakhe kwabayiphutha, bese ededelwa ngokushesha.

UNandipha usolwa ngokusebenzisana nesoka lakhe uBester ukuze eqe ejele iMangaung.

USnellenburg uthi umsolwa waboshwa ngoba esezweni okungesilona elakhe ngokungemthetho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background