UMncwango Uthi Uzithathele Yena Isinqumo Sokushiya ESishayamthetho

Written by on 6 October, 2022

By: Lindelani Mbatha

Obengumholi we-Democratic Alliance (DA) esifundazweni saKwaZulu-Natal, uZwakele Mcwango uthi ukuhlangana kwakhe nalowo owashiya kulenhlangano uPhumzile Van Damme akubanga nomthelela esinqumeni sakhe sokusula esishayamthetho.

UMncwango umemezele ukusula kwakhe njengomholi walenhlangano esishayamthetho nokudale imibuzo eminingi.

Ekhuluma neGagasi Fm uthi ukusula kwakhe kudalwe ukubona ukuthi lenhlangano ayithandi ukusebenza nezinye izinhlangano futhi izibona incono.

Uveze ukuthi njengamanje umatasa udla amathambo engqondo ngekusasa lakhe njengoba engakasuli ekubeni yilunga le-DA.

UMcwango uthi yena noVan Damme bahlale bedingida zona ezepolitiki kodwa lesisinqumo uzithathele nje eyedwa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background