Umndeni KaMaGaqa ukhala Ngokudembesela Kwabomthetho
Written by Mfundo on 19 July, 2022
By: Sthulile Mdletshe
Umndeni walowo owayeyikhansela eMzimkhulu eNingizimu yesifandazwe saKwa-Zulu Natal aphinde abe nguNobhala-Jikelele we-ANC Youth League, uSindiso Magaqa, ukhala ngokuhamba ngonyawo lonwabo kwengalo yomthetho kulabo abasolwa ngokubulala uMagaqa.
Lokhu kuza emva kokuthi lihlehlile futhi icala labasolwa abane ababhekene namacala okubulala nokuzama ukubulala.
UMagaqa wahlaselwa eMzimkhulu ngoJulayi ngonyaka ka-2017, wadutshulwa ngesibhamu sohlobo lwe-AK47 wabe esephuthumiswa esibhedlelea nakwi lapho wafika washonela khona
Ukubulawa kwakhe kwashaqa abaniningi kwase kubanezinsolo zokuthi ubulawele ukulwisana nenkohlakalo nemibuzo ayenayo mayelana nehholo laseMzimkhulu elaselidle izigidi kodwa lingaqedwa.
Ukuze lihlehle nje leli cala ummeli womsolwa uMlungisi Ncalane, ufake iscelo sokuthi kuhlehle icala ukuze uNcalane ezothola ukuyohlolwa ingqondo.
Umngani kaMagaqa, uThabiso Zulu, ekhuluma ngaphandle kwenkantolo uthi konke lokhu kungamaqhinga asetshenziswa ukubambezela icala nokuvikela ongqondongqondo.