Umndeni Uhlalele Ovalweni Njalo Malina

Written by on 17 February, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Umndeni wasendaweni yase France ePhase 5 ePietermaritzburg KwaZulu-Natal, uthi uhlalele ovalweni lokuwelwa indlu ikakhulu uma imvula ina ngenxa yomgwaqo ogudle indlu ohlale ugcwele amanzi.

Lomndeni uthi amanzi asuka emgwaqeni aguguleke ayongena ezindlini njalo uma imvula ina ngamandla.

USlindile Mchunu, oyilungu lalomndeni, uthi umphakathi wakule ndawo usubike izikhathi eziningi ku Masipala uMsunduzi, ukuthi ulungiselwe lo mgwaqo, kodwa kuze kube imanje alukho usizo olutholayo.

Uqhuba uthi yize umphakathi wonke unenkinga, kodwa umndeni wakhe yiwona oshayeka kakhulu ngoba lamanzi angena endlini nosekwenze ukuthi udonga lwendlu luqale ukukhombisa iminkenke yokubhidlika.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background