Umndeni Ukhihla Esika-Nandi Ngokudedelwa Kwababulali

Written by on 11 January, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umdeni wakwaMyamwela, eShaka’s Krall eNyakatho yeTheku, uthi ukhathazekile ngokubona abasolwa ngokusoconga ilunga lalomndeni bezigcaluzela ngaphandle.

Labasolwa ababili okufakaphakathi nowayeyiphoyisa, basolwa ngokudubula babulale uCristopher Myamwela obeshayela aphinde aqaphe amatekisi kaDuston Pillay, naye owabulawa.

Labasolwa baboshwa ngoAugust 2019 kodwa babonakale bezigcaluzela nje ngaphandle ngoDecember owedlule.

Oyisikhulumi somndeni uDumisani Myamwela uthi abaqondi ukuthi kungani labasolwa bededeliwe futhi kungaxhunyanywanga nabo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Kanti ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi uma lomndeni kukhona ongakuqondi kahle ngophenyo, kumele uxhumane nababhekelele ukusebenza kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background