Umndeni ushayela abakwasdlodlo ihlombe emva kwesigwebo kowanukubeza indodakazi ekhubazekile.

Written by on 2 October, 2024

By: Nompendulo Ngubane

Umndeni wowesifazane okhubazeke ngokomqondo usushayele amaphoyisa ihlombe emva kokuthi umlisa owadlwengula lowesimame egwetshwe udilakajele enkantolo ka Mantshi iScottburgh eNingizimu yesifundazwe.

Ngo August nyakenye uVusi Khomo wabanjwa oqotsheni umphakathi wase Mgababa ku ward 98 edlwengula lowesifazane nowabe usubikela umndeni, kwaphetha ngokuthi umsolwa aboshwe.

Lesi senzo saholela ekutheni izinhlaka ezahlukene zomphakathi wakulendawo ziphume ngobuningi ukuyokweseka umndeni njengoba bezilokhu zinawo njalo uma kuqulwa lelicala.

Inkantolo ibe isigweba uKhomo ngodilikajele kanti umndeni uthi lesi sigwebo sithumela umyalezo ngisho nakwabanye abacabanga ukunukubeza abantu abakhubazekile.

Umfowabo wesisulu igama lakhe esiligodlile usho kanje emva kokukhishwa kwalesigwebo:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background