Umndeni Wesifazane Owagwazwa Wasocongwa Ufuna Izimpendulo Nobulungiswa
Written by Mfundo on 26 January, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Icala lokubulawa kuka Tshegofatse Pule lizobuyela enkantolo ephakeme yaseGoli ngolwesibili oluzayo.
Emvakokuhlehliswa izikhawu eziningi abameli besaqoqa ubufakazi lelicala ligcine liqalile ukuqulwa kulelisonto.
Abasolwa kulelicala uMuzikayise Malephane owazivumela yena ukuthi wamgwaza wambulala uPule ethunywe uNtuthuko Shoba owayeyisoka lakhe.
U-Pule watholakala egwaziwe amanxeba ayegcwele esifubeni nasemabeleni , watholakala elengiswe esihlahleni kanti okwakuhlasimuhlisa umzimba kakhulu ukuthi uPule wayezithwele cishe izinyanga ezingu-8.
Kanti uShoba okusolakala ukuthi ubethandana noPule ebe eshadile uyaliphika yena icala futhi uphika nobudlelwane bakhe kanye noMalephane, othi baqala ukwazana ngo-2008.
Umndeni kaPule uthi ukuqulwa kwalelicala kuzoqala phansi kufake usawoti enxebeni kodwa uyafuna ukuthola ubulungiswa mayelana nokwenzeka kwindodakazi yawo.