UMntwana Unxusa Izinsizwa Ukuthi Ziyogoma

Written by on 3 December, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Umsunguli weSibaya Samadoda, okuyinhlangano eyeluleka abantu besilisa nabafana, uMntwana uNhlanganiso Zulu usenxuse amadoda ukuthi nawo abambe iqhaza ekulweni nobhubhane iCovid-19 ngokuthi aphume ngobuningi ayogoma.

UMntwana uZulu usho lokhu esikhungweni sokugoma eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, lapho efike wagomela khona leligciwane.

Ngokwezibalo zoMnyango wezeMpilo iKZN inggu nombolo-9 ohlwini lwezifundazwe esezigomile, kanti isifundeni uMgungundlovu sekugome abangu abangu 43 kwabangu 100, nokuyizinga umnyango othi liphansi kakhulu.

Uhulumeni ubheke ukuthi kuthi iphela lenyanga kube sekugome okungenani abantu abangu 70 kwabangu 100, ukuze kufinyelele ekutheni leligciwane lincisheke amandla okubhebhetheka, i-herd immunity.

Uhulumeni usephinde waveza nokuthi siyagqoza isbalo sabesilisa abagomayo uma kuqhathaniswa nesabesifazane.

UMntwana uZulu usegqugquzele amadoda ukuthi abe nesbidi sokuyojova ukuze azivikele wona nemindeni yawo ikakhulukazi njengoba sekungene nehlandla lesine lokubhebhetheka kwalolubhubhane.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background