Umntwana wakwa-Phindangene Uthi Isizwe Sasala Nefa ngo-Misuzulu
Written by Mfundo on 14 March, 2022
By: Bongani Gina
Undunankulu kaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi uthi yize namanje isizwe sisazikhotha amanxeba ngokukhothama kweSilo uZwelithini KaBhekuzulu, kodwa sashiya isizwe nefagugu eliyiSilo elisesihlalweni manje, uMisuzulu.
U-Buthelezi usho kanjena ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo seSilo kwaKhangelamankengana, enyakatho yesifundazwe.
Ngomgqibelo bekuphela unyaka iSilo sakhothama, kanti inkonzo yokusikhumbula ibibanjelwe ezigodlweni ezimbili, kwaKhangela ebihanjelwe yiSilo uMisuzulu, uMntwana wakwaPhindangene, usihlalo wamakhosi kulesfundazwe uPhathisizwe Chiliza, amakhosi, abantwana baseNdlunkulu kanye neNdlunkulu uMaZungu, ukubala abambalwa.
KwaKhethomthandayo nakhona ibiqhubeka inkonzo efanayo ihanjelwe uMntwana uMbonisi, uMntwana uThembi, ondlunkulu beSilo esikhotheme kanye nabanye abantwana baseNdlunkuku ukubala abambalwa.
U-Buthelezi usqhuba ngokuthi kufanele ngabe kade aqoka ithimba elizohlela ngokugcotshwa kweSilo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.