Umntwana WakwaPhindangene Ukhuza Ukuhilizisana eNdlunkulu

Written by on 3 May, 2021

By: Sthulile Mdletshe & Lindelani Mbatha

UNdunankulu wesizwe samaZulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi, usekhuze ukuhilizisana athi kuqhubeka ngaphakathi endlini yobukhosi ngenxa yencwadi yamafa.

UButhelezi usho kanjena nje uNdlunkulu uSibongile Dlamini, nongunkosikazi wokuqala weSilo, namadodakazi akhe amabili, usefake incwadi yesikhalo enkantolo efuna ukuba kucubungulisiswe kahle lencwadi nokunye okuthinta umshado wakhe ngokwesintu.

Amakhosazana uNtandoyenkosi kanye no Ntombizosuthu sebeveze izinsolo ezithi incwadi yefa egcinwe ngummeli wasebukhosini, uJerome Ngwenya, kungenzeka ukuthi ayikho semthethweni.

Kuqhubeka lomsindo nje, kusanda kudlula emhlabeni ibamba bukhosi uNdlunkulu uMantombi Madlamini-Zulu, odlule emhlabeni kulandela ukugula iskhashana.

Umtwana u-Buthelezi, useveze uthi kuze kube yimanje uNdlunkulu uSibongile Dlamini, usagodle imali yabafelokazi beSilo, eyayikade ingumnikelo kulandela ukukhothama kwaso.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, usihlalo wendlu yabaholi bendabuko KwaZulu-Natal, Inkosi uPhathisizwe Chiliza, usenxuse ukuba kubuye ubunye nobumbano ebukhosini bakwaZulu.

uChiliza uthi noma bengakatholi ngokusemthethweni ngokwenzeka esigodlweni … kodwa banethemba lokuthi makukhona izinkinga isixazululo naso sizotholakala.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background