Umnyango Uhlaba Uhlikiza eye-Pens Down

Written by on 7 December, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal usunxuse abafundi bakamatikuletsheni ukuthi bangazibandakanyi nemibungazo yokuqeda ukubhala, eyaziwa nge Pens Down.

Abafundi bakaMatric baqedile ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka ngesonto eledlule.

Imvamisa labafundi baba nalemibungazo yokuvalelisana, kodwa umnyango kulonyaka uthi lemicimbi ingabhebhethekisa ingciwane iCOVID 19 njengoba isuke ihambisana nokuphuzwa kotshwala.

Omunye walembungazo iRage, wamiswa ngalo isonto elidlule kulandela ukutholakala kwabathize benaleligciwane.

U-Mahlambi uthi bafuna kuthi kuphuma imiphumela ngonyaka ozayo abafundi ibafice bephelele.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background