Umnyango Ukhathazekile Nge-TB e-PMB

Written by on 24 March, 2022

By: Nompendulo Ngubane

UMnyango wezempilo KwaZulu-Natal usugqugquzele amalungu omphakathi waseMgungundlovu asukumele phezulu aye emtholampilo uma ezwa izimpawu zesifo sofuba, iTB.

Abezempilo behambisana nenhlangano engenzi nzuzo i-THINK, basho kanjena nje namhlanje wusuku lokuqwashisa kanye nokufundisa ngalesifo, iWorld TB Day.

UMnyango oqale lomkhankaso izolo uthi indawo yase Mpophomeni ingenye yezindawo ezinabantu abaningi abahaqwe yilesifo, ngakho kubalulekile ukuthi lomphakathi ufundiswe kabanzi ngaso.

Ovela eMnyangweni, uThobile Hadebe, usechaze kanje.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, inhlangano i-THINK isinikele ngemoto enomshini we X-ray, nezolekelela uma kuhanjelwa izindawo ezahlukahlukene ukuhlola lesisofo emphakathini.

Ongumqondisi jikelele kulenhlangano uTrevor Mvundura uyenaba.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background