Umnyango Ukhathazekile Ngezinga Lokukhulelwa Kwabafundi
Written by Mfundo on 18 August, 2021
By: Zilungile Mkhize
Umnyango wezemfundo eyisisekelo usunxuse imiphakathi ukuthi ingahlali ithule ibona umtwana omncane wesikole ekhulelwe, kodwa izihluphe ngokubuza ngesimo sakhe.
Lomnyango uthi baningi abantwana abafunda isikole abakhulelwayo ngenxa yokudlwengulwa, ukuba sebudlelwaneni bothando nothisha noma nomuntu omdala emphakathini, nothi yicala elisabekayo kwalelo.
Ukuphawula komnyango kulandela ukuphuma kombiko wocwaningo mayelana nezibalo zokukhulelwa kwabafundi ezikhuza phezulu kakhulu esifundazweni iGauteng.
Lolucwaningo lubheke isikhathi esisuka kuApril 2020 kuya ku March 2021.
Okhulumela umnyango wezemfundo uElaijha Mhlanga, uthi kubalulekile ukuthi imiphakathi ibakhathalele abantwana, khona kuzoba lula nakubo ukuphumela obala ngezinto ezinzima ababhekana nazo nsuku zonke.