Umnyango Ukhathazekile Ngokuhlaselwa Kwama-Paramedics
Written by Mfundo on 5 October, 2021
By: Bright Ntuli
Kubonwa ngokusa esibhedlela kumsebenzi wabezimo eziphuthumayo odutshulwe esigamekweni ekubulawe kuso umlingani wakhe, eMabhanoyini ngase Estcourt, maphakathi nekwaZulu-Natal.
Labasebenzi bahlaselwe ngentululwane yezinhlamvu besemsebenzini, besazama ukufaka kwi ambulance isiguli ebesidutshulwe salimala kabi kuyo leyandawo.
Ungqongqoshe wezempilo kulesifundazwe uNomagugu Simelane uthi kumphatha kabi ukuthi ukuhlaselwa kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo sekuthanda ukuba yinsakavukela kulesifundazwe.
Uqhuba ngokuthi kumele uphele nya lomkhuba njengoba ethi uzoholela ekutheni abasebenzi bezimo eziphuthumayo besabe ukuzosiza umphakathi odinga usizo oluphuthumayo, bese kufa nabantu abebengasinda.
U-Simelane usenxuse amalungu omphakathi ukuthi aqinisekise ukuthi izenzo ezifana nalesi azenzeki ezindaweni ahlala kuyo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.