Umnyango Ukhathazekile Ngokuthunjwa Kwabafundi
Written by Mfundo on 22 November, 2021
By: Sthulile Mdletshe
UMnyango wezeMfundo emabangeni ayisisekelo usuxuse abazali ukuthi baqaphele uma bezoshiya abantwana babo ezikoleni.
Okhulumela umnyango uElijah Mhlanga uthi bakhathazekile ngokowanda kwezigameko zokuthunjwa kwezingane ezilibangise esikoleni.
Ngeledlule intombazane eneminyaka engu-18 ubudala iphunyuke ngembobo yenaliti ngesikhathi icishe ithunjwa ngabantu abebehamba ngemoto, kanti kwesinye isigameko kusafunwa umfundi onimyaka engu-11 othunjwe ngaphandle kwesikole sakhe eGoli.
U-Mhlanga uthi kuyacaca lelizwe seliphenduke isigcawu sokudlalela izigelelekeqe ezithumba izingane ngenhloso yokuthola imali.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.