Umnyango Ukhuza Abavele Bazakhele Izikole

Written by on 4 July, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal uthi akukho emthethweni ukuzakhela isikole esizofunda abafundi ngaphandle kokugunyazwa yilomnyango.

Lomnyango uphawula kanjena kulandela imibiko yabezindaba eveze isikole iMagcebeni kwaNongoma enyakatho yeKZN, esingekho ezingeni lokufundela.

Muva nje kuvele ukuthi kukhona umsamariya obenohambo olusuka eMgungundlovu luya kwaNongoma ngenhloso yokuqoqa imali yokwakha lesisiskole, nokuthiwa sesiqalile ukwakhiwa.

Oyisikhulumi somnyango uMuzi Mahlambi uthi ngokubona ukuthi abantu abaningi bayathutha kuleyandawo bazohlinzeka abafundi bakulesissikole abawu-80 ngebhasi elizobasa kwesinye sezikole esiseduze.

Uqhube ngokuthi asikho isidingo sokuvusa kabusha lesiyasikole.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background