Umnyango Uqwashisa Izakhamuzi Ngesifo Sikashukela

Written by on 19 November, 2021

By: Bright Ntuli

Njengoba lenyanga kungeyokuqwashisa ngesifo sikashukela, idiabetes, umnyango wezempilo KwaZulu-Natal usunxuse izakhamuzi ukuthi ziyozihlola ukuthi azinaso yini lesifo esingumabulala buthuli.

Balinganiselwa ku 4.5 million abantu bakuleli abaphethwe ushukela, kanti inqwaba enye ayazi nokwazi ukuthi inaso nama cha.

Oyimenenja yenhlangano ebhekele iDiabetes kuzwelonke uMargot Mc Cumisky uchaza ngezinhlobo zalesifo.

Kanti umnyango wezempilo kulesifundazwe usuzwakalise ukuthi ngalempelasonto uzobe useMelmoth, enyakatho yalesifundazwe, uqwashisa ngayo idiabetes.

Oyisikhulumi somnyango uNtokozo Maphisa uyachaza:


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background