Umnyango Usuzwakalise Ukungathokozi Ngokwenzeka Emajele

Written by on 26 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umnyango wezobulungiswa uthi kuyadumaza futhi kuwehlisa nesithunzi ukutholakala kwezigameko zojele benobudlelwano bocansi nobothando neziboshwa.

Lesikhalo silandela ukuphuma kombiko wokuthi kunojele wesilisa osemisiwe emsebenzini ngezinsolwa ezithi uthandana nesiboshwa sesifazane eWestville Correctional Centre, eThekwini.

Izigameko zaloluhlobo kubukeka zanda kunokuthi zinqandeke, njengoba kusanda kuxoshwa ojele ababili eNcome Correctional Facility eVryheid enyakatho yesifundazwe, kulandela ukusabalala kwe video ekhombisa omunye wabo ezibandakanya esenzweni socansini nesiboshwa.

Okhulumela umnyango, uSingabakho Nxumalo, uthi kulesigameko sase Westville, basaqhuba uphenyo, kanti akusiso isigameko esisha njengoba bezwa ngaso emasontweni ambalwa adlule.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background