Umnyango uthi abaholelwe abasebenzi nangelockdown
Written by Lethiwe Mdluli on 27 March, 2020
UMnyango wezabasebenzi uthi abaqashi abanalo ilungelo lokutshela abasebenzi ukuthi bathathe ikhefu elingakhokhelwe njengoba izwe selivalw’ izinsuku ezingu 21.
UMqondisi jikelele wolomnyango, uThobile Lamati, uthi lesikhathi sinzima kuwo wonke umuntu kanti futhi siyithuba lokuthi abaqashi banakekele abasebenzi babo.
ULamati uthi uhulumeni ukubekile ukuthi uma kuba nesidingo kuzosetshenziswa imali ye UIF ukusiza abasebenzi abasebenza ezinkampanini ezincane.
Uqhube ngokuthi lukhona noxhaso lokuthi izinkampani zikwazi ukukhokhela abasebenzi ngaphansi kweTemporary Employee Relief Scheme ezosiza ukuthi bangadilizwa abasebenzi.
Listen here:
https://iono.fm/e/837374
By: Sthulile Mdletshe