Umnyango Uthi Akume Kancane Ukugoma Komatikuletsheni
Written by Mfundo on 21 October, 2021
By: Lindelani Mbatha
Umnyango wezemfundo eyisisekelo uthi abafundi bakamatikuletsheni kumele bethi ukuma kancane ukuthatha umgomo we-COVID 19 kuze kube baphothula izivivinyo zabo.
Abatwana abaneminyaka esukela ku-12 kuyaphezulu sebengakwazi ukuyogomela leligciwane futhi bakwenze lokho ngaphandle ngokuxhumana nabazali babo.
INingizimu Africa inabantu abasha abangaphezu kuka-19 million, kodwa kulabo abafundi bakamatikuletsheni babalelwa ku-700 000.
Umnyango wezempilo uzimisele ukuthi kuthi kuphela uJanuary wonyaka ozayo ube usugome abatwana abangaphezu kuka-3.2 million.
Oyisikhulumi somnyango uElijah Mhlanga uthi abafuni ukuthi kuphazamiseke uhlelo lwezivivinyo zikamatikuletsheni.