Umnyango Uthi Angeke Zivulwe Ezinye Izikole

Written by on 19 April, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Ungqongqoshe wezemfundo KwaZulu Natal uKwazi Mshengu, uthi isimo ngeke sifane nesejwayelekile kubafundi nothisha abaningi njengoba kubuyelwa ezikoleni.

Uthi kunenqwaba yezikole ezikhahlamezeke ngendlela enzima kakhulu nezovimbela ukuvulwa kwazo namhlanje.

UMshengu uthi umonakalo okulezizikole mubi futhi akuphephile ukuthi abafundi bangahlala kuqhutshwe ukufundiswa kuzo, egcizelela nokuthi ezinye zinezakhiwo ezidilikile imbala ngenxa yezikhukhula.

Usekuqinisekisile nokho ukuthi zikhona izikole abazophuthumisa kuzo amakilasi angomahamba nendlwana, ukuze ukufunda kuzoqhubeka.

U-Mshengu usephinde wadalula nokuthi abafundi abangu-57 kanye nothisha oyedwa sekuqinisekisiwe ukuthi bashonile kulemvula ebikhona. Ugcizelela ngokuthi zingu 630 izikole ezikhahlamezekile kanti ezingu-101 akungeneki nhlobo kuzona.

Abafundi abangu-5 kubikwa ukuthi abakatholakali.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background