Umnyango Wezemfundo Uhlela Ukuxoxisana Nezinyunyana Zothisha Ngokuphindwa Kwezivivinyo
Written by Mfundo on 7 December, 2020
By: Mfundo Mabaso
Umnyango wezemfundo kulesifundazwe uthi ufuna ukuxoxisana nezinyunyana zothisha mayelana nokubhalwa kabusha kwamaphepha ezivivinyo zika matric aputshuka.
Lokhu kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe wemfundo eyisisekelo uAngie Motshekga sokuthi abafundi bakaMatric bazophinda babhale uPaper 2 weMaths nowe Physical Science.
iNyunyana yothisha iSADTU isiwuhlabe yawuhlikiza lomyalelo njengoba ithi izofaka ismangalo enkantolo khona namhlanje ukuthi kuhoxiswe lesnqumo.
Kanti uNgqongqoshe wezemfundo kulesifundazwe uKwazi Mshengu uthi lesi akubanga isinqumo esilula esithathwe umkhandlu wongqongqoshe kodwa baphoqelekile ukuthi basithathe ukuvikelek’ isithunzi salezivivinyo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo umnyango wezemfundo kuzwelonke uthi ubuvele ukulindele ukuthi kube khona abangahambisani nokubhalwa kabusha kwalamaphepha kodwa bayakholwa ukuthi bekuyisinqumo esifanele.