Umnyango Wezemfundo Uhlola Izikole Zamabanga Aphansi
Written by Mfundo on 2 August, 2021
By: Lindelani Mbatha
Umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal uthi usagculisekile okwamanje indlela izikole ezenza ngayo ukwamukela abafundi bonke basemazingeni aphansi.
Ngenyanga eyedlule ungqongqoshe wemfundo eyisekelo uAngie Motshekga wamemezela ukuthi abafundi abenza amabanga aphansi bazobuyela bonke esikoleni uma nje zivula.
Ngokocwaningo lwabezempilo, abatwana uma bengenwa yiCOVID 19 ababi sengcupheni yokugula kakhulu kunabantu abadala.
Oyisikhulumi somnyango kulesisifundazwe, uMuzi Mahlamb,i uthi baphume ngobuningi ukuyobheka ukuthi imigomo yezokuphepha iyalandelwa yini.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo unobhala we-SADTU kulesisifundazwe, uNomarashiya Caluza, uthi akusizo zonke izikole zamabanga aphansi ezikulungele ukwamukela bonke abafundi njengoba zingenayo indawo yokulandela imigomo yeCOVID-19 yezempilo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.