Umnyango wezeMfundo Usuthembisile Ukubhekana Nezinkinga Zendlala Ezikoleni

Written by on 20 April, 2023

By: Nompendulo Ngubane

Umnyango wezeMfundo kulesifundazwe uthi isabelo mali sika R2 billion esizofakwa ohlelweni lokuphakela abafundi ezikoleni sizoqinisekisa ukuthi loluhlelo iNational School Nutrition luyaqhubeka.

Ethula isabelo mali somnyango wakhe eSishayamthetho eMaritzburg uNgqongqoshe uMbali Frazer uthi loluhlelo luphakela abafundi abangaphezu kuka 2 million ezikoleni ezingu 5 446 esifundazweni.

Abafundi bathola isidlo sasekuseni kanye nesasemini.

UNgqongqoshe uFrazer uthi lemali eyabelwe loluhlelo izosiza ekutheni umnyango ukwazi ukuthi ungathengi ukudla ezitolo kuphela kodwa ukuthenge kubakhiqizi kanjalo nakubalimi abazimele.

Uqhuba ngokuthi lemali izophinde ilekelele nasekutheni kuqashwe amavolontiya azobe eqondene ngqo nokuphathwa kokudla.

U Frazer usethembisile ke nokuthi izinkinga ezibhekene naloluhlelo neseziholele ekutheni izingane eziningi zingakutholi ukudla umnyango wakhe uyazama ukuzixazulula.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background