UMnyango Wezemfundo Uyaqasha
Written by Mfundo on 27 September, 2021
By: Sthulile Mdletshe
UMnyango Wemfundo eyisisekelo usumemezele ukuthi sesivuliwe isigaba sesibili sohlelo lokuqashwa kwabasebenzi, nolubizwa nge-Basic Education Employment Initiative.
Okhulumela lomnyango uElijah Mhlanga umemezele lokhu ekhuluma nabezindaba njengoba loluhlelo seluvuliwe kusukela namhlanje.
U-Mhlanga uthi bahlose ukuqasha abasebenzi abangaphezulu kuka 28 000 kanti abafundi ababeyingxenye yaloluhlelo ngonyaka owedlulwe umnyango wagcina usuqasha iningi labo ngokuphelele abanye bahlomula nezitifiketi ezigunyaza ukube ufundise ezikoleni zakuleli.
Uthi abazophumelela bazofakwa ezikoleni izinyanga ezinhlanu, kusukela ngomhlaka 1 November 2021 kuya ku-31 March 2022.
UMhlanga uthi ngalokhu, bagqugquzela kakhulu intsha yakuleli engasebenzi futhi ephakathi kweminyaka engu-18 kuya ku-35 ukuba ibhalisele ithuba lokusebenza njengothisha ongumlekeleli ezikoleni zakuleli.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.