Umnyango Wezempilo Emkhankasweni Wokuqamba Kabusha Izikhungo

Written by on 10 April, 2021

By: Mfundo Mabaso

uNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-atal, uNomagugu Simelane-Zulu, usevule ngokomthetho isikhungo sezempilo esiqanjwe kabusha, eMzumbe, eNingizimu yesifundazwe.

Lesisikhungo, iMfundo Lushaba Community Healthcare Centre, ngaphambilini besaziwa ngeTurton.

uMfundo Lushaba wayeyilunga loMkhonto Wesizwe waphinde waba iMeya kaMasipala uMzumbe, ngemva kokuba adlule emhlabeni engozini yemoto ngo2007.

uNgqongqoshe uthi inselelo enkulu isikubaphathi nabasebenzi bakulesisikhungo ukuba baqhubele phambili izimfundiso zika Lushaba zokukhathalela abantu, ikakhulu abahlwempu

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, uSimelane-Zulu usephinde waveza nokuthi bazoqamba kabusha nesibhedlela iEdendale, esise Pietermaritzburg, maphakathi nesifundazwe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background