Umnyango Wezempilo Uxwayisa Ngabacwaningi beCOVID-19 Abangosomathuba
Written by Mfundo on 27 January, 2021
By: Zilungile Mkhize
Umnyango wezempilo uthi baningi osomathuba asebevumbukile selokhu kuqale inkulumo mayelana nomjovo wokugomela i COVID-19, othi beza namaqhinga ahlukene angabeka impilo yomuntu engcupheni.
Uthi kamuva nje, sekunabantu ezingxenyeni ezithize zezwe asebehamba bengena bephuma emiphakathini bethi bangabacwaningi ngomgomo waleligciwane baqhamuka emnyangweni wezempilo.
Umnyango uthi laba bafike batshele umphakathi ukuthi kumele bamome igazi kubantu ngemijovo khona lizoyohlolwa njengoba kuzogonywa nje.
Okhulumela umnyango u- Neil Shikwambana , uthi lomkhuba usabhoke kakhulu e-Musina nase Tzaneen eLimpopo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.