Umnyango Wezempilo Uzophenya Ngembiko Yabashonayo Ezibhedlela Ngenxa ye-Loadshedding

Written by on 18 January, 2021

By: Bongani Gina

Ungqongqoshe wezempilo kulesfundazwe uNomagugu Simelane, uthi umnyango wakhe usaphenya ngemibiko eveza ukuthi ziningi iziguli ezihaqwe i-COVID-19, esezishone ngenxa ye-load shedding, okuwuhlelo lokunqamuka kukagesi izikhawu.

Imibiko engakaqinisekiswa ithi izibhedlela ezahlukahlukene zishonelwe yiziguli ngesikhathi kunqamuka ugesi ezibhedlela ngenxa yeloadshedding, maqede angaduma amagenerator okulindeleke ukuba kube yiwona akhiqiza ugesi uma unqamuka.

Le mibiko ithi zingu 13 izuguli ezishonile esibhedlela iSt Augustine ngenxa yokuhamba kukagesi.

Kodwa ngesikhathi izindaba zeGagasi FM zibuza ungqongqoshe uSimelane-Zulu ngaloludaba uvumile ukuthi sebeluzwile kanti basalindele umbiko ophelele ngalo.

Kanti ungqongqoshe kuzwelonke uZweli Mkhize yena uthi kudingeka kwenziwe uphenyo olunzulu ngaloludaba ngaphambi kokuba luqinisekiswe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background