UMnyango wezokuHlalisana kwaBantu Uthi Ayingavalwa Eyesibonelelo Sabangasebenzi ..
Written by Mduduzi Phungula on 21 July, 2023
By: Sithabile Majola
UMnyango wezokuHlalisana kwaBantu kanye nowokuthuthukiswa komphakathi uthi ufuna ukuthi kwelulwe imali yesibonelelo sabantu abangasebenzi o-R350.
Lesi sibonelelo samenyezelwa wuMengameli Cyril Ramaphosa njengengxenye yosizo lukahulumeni kubantu bakuleli ngesikhathi kuhlasele ubhubhane lwe-Covid-19.
Lemali bekuhlelwe ukuthi iqhubeke kuze kube ngu-March wa-2024.
Ongumqondisi eMnyangweni wokuThuthukiswa koMphakathi uBrenda Sibeko uthi kusobala ukuthi baningi abantu abethembele kuyona lemali ukuxosha ikati eziko iningi labo futhi abangasebenzi.
Uthi abantu abamukela lesi sibonelelo bayatshengisa ukuthi iyona kuphela ndlela abanayo yokuziphila