Umnyango Wezokuthutha Ukhathazekile Ngemiphefumulo Ephuma Emigaqweni

Written by on 13 September, 2021

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezokuthutha KwaZulu-Natal, uPeggy Nkonyeni, uthi ukhathazekile ngokwanda kwezingozi ezinyantisa igazi ezidlula nenqwaba yemiphefumulo yabantu ngesikhathi esisodwa kulesifundazwe.

U-Nkonyeni uthi njengoba kuza inyanga yezokuthutha uOctober, bafuna ukuqinisekisa ukuthi ezokuphepha ziqine ngqi emigaqweni.

Ukuphawula kwakhe kulandela ingozi ekushone kuyo abantu abangu-9 ngeSonto ku-N2 ngase Nseleni enyakatho yesifundazwe, kanti ngeviki eledlule kushone abantu abangu-13 kwenye ingozi eyehle ku-R612 ngase Xopo eningizimu yesifundazwe.

Oyiskhulumi somnyango uKwanele Ncalane uthi ungqongqoshe uNkonyeni usenxuse abashayeli ukuthi baqikelele ngaso sonke iskhathi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background